2 Corinthians 2
1 Kepha nganquma ukuba ngingezi futhi kini ukunidabukisa.
2 Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye lowo odabukiswa yimi na?
3 Ngilobe lezi zinto, ukuze kuthi uma ngifika, ngingezwiswa ubuhlungu yilabo obekufanele ngithokoze ngabo. Nginesibindi ngani nonke ukuthi ukuthokoza kwami kungokwenu nonke.
4 Ngokuba nganilobela ngisezinhlungwini, ngidabukile enhliziyweni, futhi kuphophoza izinyembezi, hhayi ukuba nginizwise ubuhlungu, kodwa ukuba nazi ukuthi nginithanda kakhulu.
5 Kepha uma kukhona onizwise ubuhlungu, uzwise mina ubuhlungu, ukuze ngingenzi ihaba, unidabukise nonke.
6 Kumfanele onjalo ukuba ajeziswe ngalokho ngabaningi,
7 kodwa kunalokho, mthetheleleni, nimduduze, funa owenze lokho ahaqwe wusizi.
8 Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba nimkhombise ukuthi niyamthanda.
9 Ngokuba ngaloba ngaleso sizathu ukuba nginihlole ukuthi niyalalela yini kukho konke.
10 Lowo enimthethelela okuthile, nami ngiyamthethelela, ngokuba lokhu engikuthethelele, uma kukhona noma yini engiyithetheleleyo, ngiyithethelele ngenxa yenu, ebukhoneni bukaKhristu,
11 ukuze singehlulwa nguSathane, ngokuba asisibo abangawazi amaqhinga akhe.
12 Kepha ekufikeni kwami eThrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKhristu, ngavulelwa umnyango yiNkosi,
13 nokho angibanga nakho ukuthula emoyeni wami lapho ngingamfumani uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa, ngadlulela eMakhedoniya.
14 Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.
15 Ngokuba siyiphunga elimnandi likaKhristu kuNkulunkulu kulabo abasindiswayo nakulabo ababhubhayo.
16 Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?
17 Ngokuba asinjengabo abaningi abadunga izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa sikwenza njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKhristu.